Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 45:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kule minyaka emibili kwakukhona indlala ezweni, futhi kuseneminyaka emihlanu okungayikuvuna ngayo noma kuvunwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 45:6
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.


Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.


UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.


Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.


Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.


Usuphelile lowo mnyaka, beza kuye ngomnyaka wesibili, bathi kuye: “Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.


UJosefa wayesethi kubantu: “Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu; nansi imbewu yenu, nize nihlwanyele emhlabathini.


“Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.


Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.


amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule intamo yesithokazi lapho esigodini;


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ