Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 43:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Mina luqobo ngiyakuba yisibambiso sakhe; uyakumfuna kimi, uma ngingambuyisi ngimbeke phambi kwakho, lokho kuyakuba yicala lami imihla yonke yokuphila kwami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mina ngiyakummela; uyakumbiza esandleni sami; uma ngingamlethi kuwe, ngimbeke phambi kwakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 43:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku.


Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.”


ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.”


Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.


Owesifazane waseThekhowa wathi enkosini: “Nkosi yami, nkosi, icala malibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, inkosi nesihlalo sayo sobukhosi kube msulwa.”


funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”


Ake unginike isibambiso, ungimele; ngubani oyakuxhawulana nami na?


Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli.


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


“Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga, uyakufela ezonweni zakhe, nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla, angabethi icilongo, abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo, uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’


Lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


ukuze kubizwe kulesi sizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba,


Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ