Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 43:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa, athi: “Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume, asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Bafikelwa yingebhe lapho bebona ukuthi bangeniswe endlini kaJosefa, bathi: “Kungenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu ekuqaleni, ngakho-ke silethwe kule ndawo ukuze asizume, asithathe asenze izigqila, aqhwage nezimbongolo zethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa; bathi: Ngenxa yemali eqale yabuyiselwa emaphaketheni ethu, sangeniswa; ukuze afune ithuba ngokumelene nathi futhi asehlele futhi asithathe njengezigqila nezimbongolo zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 43:18
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bethi omunye komunye: “Impela sitholile icala ngomfowethu, njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.”


Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.


Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”


Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali, bashaywa luvalo.


Lowo muntu wenza njengalokho eshilo uJosefa; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa.


Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa, akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu,


Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?


Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.


Angena kungathi ngesikhala esibanzi; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,


Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.


Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.


Kepha uHerode ekuzwile wathi: “UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.”


kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile.


amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,’


bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi: “Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho,” nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami.’ Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.


UManowa wathi kumkakhe: “Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.”


Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ