Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:54 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

54 Iminyaka eyisikhombisa yendlala yaqala njengoba uJosefa ayeshilo. Kwaba nendlala kulo lonke izwe, kodwa eGibhithe kwakukhona ukudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

54 Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengokusho kukaJosefa; kepha ezweni lonke laseGibithe kwakukhona isinkwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:54
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.


Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.


Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela.


Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”


ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’


Ukudla kwakungekho ezweni lonke, ngokuba indlala yayinzima kakhulu; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.


U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.”


Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa.


“Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ