Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

43 Wamgibelisa enqoleni yempi egitshelwa yilowo ongowesibili emva kwakhe, bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” UFaro wambeka ngaleyo ndlela-ke uJosefa, ukuba abe ngumbusi walo lonke iGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:43
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.


UFaro wathi kuJosefa: “NginguFaro; ngaphandle kwakho akuyikuphakamisa muntu isandla sakhe nonyawo lwakhe ezweni lonke laseGibithe.”


“Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe.


“Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: ‘Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke,


UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.


Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.


“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.


Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.”


Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.


Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda, ethokozelwa ngabafowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo, ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.


Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama, zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye. Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye.


ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ