Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

42 UFaro wakhumula indandatho yakhe yokusicilela esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izembatho zelineni elicolekileyo, wamfaka nomgexo wegolide entanyeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

42 UFaro wayesekhipha indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa ilineni elicolekileyo, wafaka iketanga legolide entanyeni yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:42
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Ngikuphe sibambiso sini na?” Wathi: “Indandatho yakho, nentambo yakho, nodondolo lwakho olusesandleni sakho.” Wamupha, wangena kuye; wakhuliselwa nguye.


Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.


Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda, ethokozelwa ngabafowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo, ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.


Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda.


Kwase kubizwa abalobi benkosi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo, kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi, nababusi ababephethe izifunda ngezifunda, nezikhulu zezizwe ngezizwe, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.


Waloba egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi, zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo,


Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.


Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.


Kepha lobani nani ngabaJuda njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi, nikunamathelise ngendandatho yenkosi, ngokuba umbhalo obhalwe egameni lenkosi wanamatheliswa ngendandatho yenkosi awunakubuyiswa muntu.”


Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.


ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.


Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.


Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.*


Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.


Ungaphucile inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami; ungaphucile inhliziyo yami ngelinye lamehlo akho, ngomgexo munye wentamo yakho.


nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.


Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibithe lalinguseyili* wakho, laze laba yibhanela* kuwe; isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende, sivela eziqhingini zase-Elisha.


Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo, uthukulule amafindo; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okububende, ube nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


Khona uBelishasari wayaleza, bamembathisa uDaniyeli okububende, bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe, benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.


Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,


UJonathani wakhumula ingubo ayenayo, wayinika uDavide, nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande* lakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ