Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 UFaro wazibuza izinceku wathi: “Singamtholaphi umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 UFaro wasesithi ezincekwini zakhe: Singamthola yini onjengalo, umuntu onoMoya kaNkulunkulu?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:38
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.


“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.


Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.


Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda, kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.


Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.


Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?


“Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.


Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.


Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ