Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Emva kwayo kuyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; futhi yonke inala iyokhohlakala ezweni laseGibhithe; indlala iyakudla izwe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:30
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.


Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.


Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu.


UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.


Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.


Ukudla kwakungekho ezweni lonke, ngokuba indlala yayinzima kakhulu; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.


UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.”


Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa.


Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.


ukuze kuthi ozibusisa emhlabeni azibusise kuNkulunkulu weqiniso, nofunga emhlabeni, afunge uNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami.”


Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;


U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ