Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 40:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho ongalichaza.” UJosefa wathi kubo: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho olichazayo.” UJosefa wathi kubo: “Izincazelo azikaNkulunkulu na? ngicela ungitshele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 40:8
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Induna yabaphathizitsha yayisimlandisa uJosefa iphupho layo, yathi kuye: “Ephusheni lami kwakukhona umvini phambi kwami;


UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.


“Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?


Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


Inkosi yayisithi kubo: “Ngiphuphe iphupho, umoya wami ukhathazekile ukulazi iphupho.”


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami, okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:


Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo, uthukulule amafindo; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okububende, ube nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ