Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 40:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Baphupha iphupho bobabili, yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, owayeboshiwe etilongweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 40:5
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”


Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe.


Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.


UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile.


Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho ongalichaza.” UJosefa wathi kubo: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.”


Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.


Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.


“Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ