Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 40:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa phakathi kwezinsuku ezintathu uFaro uzaphakamisa ikhanda lakho alisuse kuwe, akulengise emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 40:19
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, akubuyisele esikhundleni sakho; uzakunikela indebe esandleni sikaFaro njengokwenza kwakho kwakuqala, lapho wawungumphathizitsha wakhe.


Eqomeni elingaphezulu kwakukhona izinhlobo zonke zokudla kukaFaro; izinyoni zazikudla eqomeni eliphezu kwekhanda lami.”


UJosefa waphendula wathi: “Lokhu kungukuchazwa kwalo: lawo maqoma amathathu ayizinsuku ezintathu;


Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili, waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.


kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa, njengalokho ebebachazele uJosefa.


Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.”


URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.


masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.


Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.


Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.


Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”


Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ