Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 4:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Naye uSeti wazalelwa indodana; waqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe; abantu base beqala ukubiza iGama leNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 4:26
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.


Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.


Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova; bese kuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe nguye onguNkulunkulu.” Bonke abantu bathi: “Lihle leli zwi.”


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.


Omunye uyakuthi: ‘NgingokaJehova;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye azilobele uJehova esandleni sakhe, azidumise ngegama lika-Israyeli.”


“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwaJuda, ofunga igama likaJehova, odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.


Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


“Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.


kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’


ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ