Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 39:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye nokuba abe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 39:10
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,


Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;


ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”


ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,


ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo nakuye owezizwe onamazwi athophayo,


Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.


Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo, nowesifazane ondindayo ungumhholo onyinyeneyo.


Uqamekela njengomphangi; uyandisa abambuluzayo phakathi kwabantu.


Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.


Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,


Useyayibamba, uyayanga; uthwala amehlo, uthi kuyo:


ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo, kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.


Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi


“Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi:


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.


Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.


Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ