Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 38:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wakuvuma uJuda, wathi: “Ulungile kunami, njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami.” Akabange esamazi futhi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 UJuda wazibona lezo zinto, wathi: “Ulungile lo wesifazane kunami, ngokuba angimnikanga uShela indodana yami.” UJuda akabuyanga walala naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJuda wazivuma, wathi: “Ulungile kunami; ngoba angimnikanga uSela indodana yami. Futhi akasamazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 38:26
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.”


Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi, wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase-Enayimi ngasendleleni eya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe.


U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.”


Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.


UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


“Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka; kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.


Ngikhulumile kanye, angisayikuphendula, yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”


Thwala wena ihlazo lakho, lokhu wathetha odadewenu; ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo balungile kunawe; yebo, mawujabhe, uthwale ihlazo lakho ngokuthetha odadewenu.


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.


Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ