Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 38:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Waphambukela kuye endleleni, wathi: “Woza, ake ngingene kuwe,” ngokuba wayengazi ukuthi ungumalokazana wakhe. Wathi: “Uyakungiphani ukuba ungene kimi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Wayeseqonda kuye eceleni komgwaqo, wathi: “Woza ngilale nawe.” Wayengazi ukuthi lo wesifazane ungumalokazana wakwakhe. Owesifazane wambuza wathi: “Uzonginikani uma ngilala nawe na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Waphambukela kuye endleleni, wathi: “Hamba, ngingene nawe; (ngokuba wayengazi ukuthi ungumalokazana wakhe.) Wathi: “Uyakunginikani ukuba ungene nami na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 38:16
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJuda esembona wacabanga ukuthi uyisifebe, ngokuba wayegubuzele ubuso.


Wayesethi: “Mina ngizakukuthumela izinyane lembuzi elisemhlambini.” Wathi: “Uzakunginika isibambiso, uze ulithume, na?”


Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”


Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.


wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.


Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ