Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 37:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Abafowabo bakubona ukuthi uyise umthanda kunabo bonke abafowabo, ngakho-ke bamzonda, futhi ababe besakwazi ukukhuluma kahle naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho abafowabo bebona ukuthi uyise wayemthanda ngaphezu kwabo bonke abafowabo, bamzonda futhi babengakwazi ukukhuluma naye ngokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 37:4
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”


Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.


UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu.


Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.


Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela;


Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze.


Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici; nengingakuphanganga ngakubuyisela.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.


kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.


U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ