Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 37:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lezi ziyizizukulwane zikaJakobe. UJosefa, owayeneminyaka eyishumi nesikhombisa, walusa umhlambi kanye nabafowabo; indodana yayikanye namadodana kaBiliha kanye namadodana kaZilipa abafazi bakayise; uJosefa waletha umbiko wabo omubi kuyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 37:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa: ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo.


Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.


Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.


ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.


UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.


Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.


anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu.


Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.


Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ