Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 32:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Laphuma ilanga lapho edlula ePheniyeli, eqhuga ngenxa yokubhinyika inyonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Esedlula ePniel, ilanga lamphumela, wema ethangeni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 32:31
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?”


Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”


Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.


Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.


Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.


UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli.


Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.


Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.


Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba.


Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.


nathi: ‘Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?


Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”


UJehova wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.”


Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukoti bebephendulile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ