Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 32:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 32:11
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”


U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”


URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.


UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,


U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.


UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na?


Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho.


Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.


Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngiyaphephela kuwe.


Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe.


Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.


Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


“Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,


Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ