Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 31:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

41 ngikusebenzele le minyaka engama-20, eyi-14 yayo ngisebenzela amadodakazi akho omabili, kwathi eyisithupha ngasebenzela imfuyo. Phezu kwalokho waliguqula kalishumi iholo lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Ngibe neminyaka engamashumi amabili endlini yakho; Ngakukhonza iminyaka eyishumi nane ngenxa yamadodakazi akho amabili neminyaka eyisithupha ngenxa yezinkomo zakho; futhi uwuguqule iholo lami izikhathi eziyishumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 31:41
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu,


ULabani wayesethi kuJakobe: “Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?”


Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.”


“Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga.


Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.


Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke.


Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.


Waziyala ngokuthi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu, nithi: ‘Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube manje;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ