Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 31:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe wathatha konke okwakungokukababa; futhi kulokho okwakungokukababa wathola lonke lolu dumo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 31:1
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.


ULabani waphendula, wathi kuJakobe: “Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?


Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe, nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.”


UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.


uma abantu betende lami bengashongo ukuthi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ –


nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo, yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,


“ ‘Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe, bathi: “Njengonina, injalo indodakazi.”


USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;


ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ