Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 30:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Namuhla ngiyakudabula umhlambi wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimanakanaka, nazo zonke ezimnyama phakathi kwezimvu, nezimanakanaka nezimanakanaka phakathi kwezimbuzi; futhi lokhu kuyakuba ngumvuzo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 30:32
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Ngiyakukuphani na?” Wathi uJakobe: “Awuyikunginika lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.


Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.”


Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe.


“Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.


Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ