Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 30:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe isipho esiyigugu. Umyeni wami usezongazisa manje ngoba sengimzalele amadodana ayisithupha.” Ngakho-ke wayiqamba igama wathi nguZebuloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile ilobolo elihle; manje umyeni wami useyakuhlala nami, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha; waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 30:20
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.


Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?” URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.”


ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.


Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.


Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”


Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli.


“UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.


Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.


Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.


Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali


laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.


UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.


Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.


USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ