Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 3:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Iyakukuvezela ameva namakhakhasi; uyakudla izitshalo zasendle;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 3:18
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”


makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni, kuvele ukhula endaweni yebhali.”* Amazwi kaJobe asephelile.


abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni; abanxanelayo basezela impahla yabo.


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo, kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.


bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi, sisibekelwe phezulu ngezimbabazane, nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.


Emhlabathini wabantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.


Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo, ngokuba izwe lonke liyakuba ngamakhakhasi nameva.


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: “Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva.


Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.


Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.


kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.


yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini, nenkalivasi* ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ