Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 28:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Futhi uNkulunkulu uSomandla akubusise futhi akwenze uzale futhi akwandise, ukuze ube yisixuku sabantu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 28:3
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.


Bambusisa uRebeka, bathi kuye: “Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”


UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


U-Isaka wayesethuthumela nokuthuthumela kakhulu impela, wathi: “Ngubani, pho, othathe inyamazane, wayiletha kimi, ngayidla yonke ungakafiki, ngambusisa, na? Yena uyakuba ngobusisiweyo.”


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”


UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,


wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’


ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.


UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.


ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.


ngibe nguYihlo kini, nina nibe ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla.”


Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.


Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ