Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 27:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

41 U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 27:41
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.


Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.


UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Safika kumfowenu u-Esawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”


U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.


Bambona esekude; engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala.


Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.


Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.


Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.”


UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.


Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema; yafa, yembelwa emathuneni awoyise. Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.


Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.


Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu; njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.


Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.


ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe; uceba okubi ngesikhathi sonke; ususa ukuxabana.


Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.


“ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ