Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 27:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Wayesethi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba!” U-Esawu wadazuluka, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 U-Esawu wathi kuyise: “Baba, ubunesibusiso esisodwa na? Ngibusise nami baba!” Wadazuluka wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Wathi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na?” ngibusise nami, hawu baba! U-Esawu waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 27:38
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Esawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: “Ngibusise nami, baba!”


Wathi: “Aliqanjwanga kahle igama lakhe ngokuthi uJakobe na? Ngokuba sekukabili engiqinela; wathatha ubuzibulo bami; bheka, manje usethathe isibusiso sami.” Wathi: “Mina, awungigodlelanga sibusiso na?”


Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.


bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo.


Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.


Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ