Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 27:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Abantu mabakukhonze, izizwe zikhothame phambi kwakho; phatha abafowenu, amadodana kanyoko akhothamele; uqalekisiwe okuqalekisayo, ubusisiwe okubusisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 27:29
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”


UJakobe wathi: “Funga kimi namuhla.” Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.


Kwathi u-Isaka eseqede ukumbusisa uJakobe, uJakobe esand' ukuphuma ebusweni buka-Isaka uyise, wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.


U-Isaka waphendula, wathi ku-Esawu: “Bheka, ngimmisile abe yinkosi yakho, nabafowabo bonke ngimnike bona babe yizinceku zakhe; ngimphasile ngamabele nangewayini; ngingase ngikwenzeleni wena ndodana yami na?”


Uyakuphila ngenkemba yakho, umkhonze umfowenu; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.”


Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?”


Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”


UNkulunkulu amandise uJafete, ahlale ematendeni kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo.”


Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.


Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Usho kanje uJehova, uthi: “Okukhandlekelweyo kwaseGibithe nokuzuziweyo kwaseKushe, nangamaSheba, abantu abade, kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu ukuwe kuphela, akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”


Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


Ngingamqalekisa kanjani ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na?


U-Edomi uyakuba yifa; uSeyiri uyakuba yifa naye, owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.


Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


“Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’


kungabi ngemisebenzi, kodwa kube ngaye obizayo, kwashiwo kuye ukuthi: “Omkhulu uyakukhonza omncane,”


Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ