Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 27:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu, namanoni omhlaba, nenala yamabele neyewayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Sengathi uNkulunkulu angakwehlisela amazolo ezulu avundise amasimu akho. Makakuphe inala yamabele neyewayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngakho-ke uNkulunkulu ukunika amazolo ezulu namafutha omhlaba kanye nenala kakolweni newayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 27:28
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Isaka waphendula, wathi ku-Esawu: “Bheka, ngimmisile abe yinkosi yakho, nabafowabo bonke ngimnike bona babe yizinceku zakhe; ngimphasile ngamabele nangewayini; ngingase ngikwenzeleni wena ndodana yami na?”


U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye: “Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba namazolo ezulu avela phezulu.


nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’


“Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe; uyakuveza isilovela samakhosi.


ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.


“Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.


Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali,* namabhati* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.


Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.


Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.


Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.


“Consani, mazulu, phezulu, amafu athuntulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; mina Jehova ngikudalile.


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.


“Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.


Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,


Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,


NgoJosefa wathi: “Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi,


U-Israyeli usehlezi elondekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodwa ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.


akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.


Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ebezizakuza.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ