Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 26:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi esehlale khona isikhathi eside, u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni, wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 U-Isaka esenesikhathi ezinze kuleyo ndawo, u-Abhimeleki, inkosi yamaFilisti, ezibukela nje ngefasitela, wamelamela u-Isaka ewotawota umkakhe uRibheka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi, eselapho isikhathi eside, u-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, walunguza ngefasitela, wabona, bheka, u-Isaka edlala noRebeka umkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 26:8
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.”


U-Abimeleki wambiza u-Isaka, wathi: “Bheka, impela yena ungumkakho; usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na?” U-Isaka wathi: “Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.”


Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,


Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.


Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.


Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


“Wabheka efasiteleni, wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni: ‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ