Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 26:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Amadoda aleyondawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu, ngokuba wayesaba ukuthi: ‘Ungumkami;’ wathi, ukuze bangangibulali abantu baleyondawo ngenxa kaRebeka; ngoba wayemuhle ukubukwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 26:7
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.


Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”


Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.


U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.


U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.


Akashongo kimi ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na? Naye uqobo wathi: ‘Ungumnewethu.’ Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.”


Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.


Kwathi esehlale khona isikhathi eside, u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni, wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.


Amehlo kaLeya ayebuthakathaka, kepha uRaheli wayemuhle ngesimo, ebukeka kahle.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo


ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ