Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 24:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 ithi kimi: “Phuza wena, futhi ngizakuwakhelela namakamela akho,” kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

44 bese ithi: “Phuza, futhi ngizokukha amanzi ngiwaphuzise namakameli akho,” kungaba yileyo ntombi uSimakade ayimisele indodana yenkosi yami.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Wathi kimi: “Phuzani nina nobabili, futhi ngizokudalela namakamela; makube ngumfazi uJehova ammisele indodana yenkosi yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 24:44
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.


Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”


bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,”


“Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni, wakha; ngathi kuye: ‘Ake ungiphuzise.’


Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.


Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.


Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise, kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.


Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.


kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.


Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ