Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 24:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

40 “Yathi: ‘USimakade engiphila phambi kwakhe, uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, enze indlela yakho ibe yimpumelelo. Wena uzakutholela indodana yami umfazi kwelakithi nasezihlotsheni zami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Yathi kimi: ‘UJehova engihamba phambi kwakhe uyakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; futhi kumelwe uyithathele indodana yami umfazi emndenini wakithi nasendlini kababa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 24:40
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”


UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,


Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.


U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,


USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.


wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.


Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


“Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,


UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ