Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 24:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Wayesengena endlini lowo muntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Ngakho-ke indoda yangena endlini, uLabani wawethula imithwalo amakameli, wayesewaphakela utshani nefolishi. Indoda namadoda ayeyiphelezela babanika amanzi okugeza izinyawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Indoda yangena endlini, yakhulula amakamela ayo, yanika amakamela utshani nefolishi namanzi ukuba ageze izinyawo zayo nezinyawo zamadoda ayenayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 24:32
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi.


wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.” Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”


Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle, kepha wathi: “Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami.” Wathi: “Khuluma.”


Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.


Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla.


Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


Lase limngenisa endlini yalo, lazinika izimbongolo ifoliji;* bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.


Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ