Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Sebefike kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele ngayo, u-Abhrahama wakha i-althare, wabeka izinkuni phezu kwalo. Wayibopha indodana yakhe u-Isaka, wayibeka phezu kwezinkuni e-althare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wabopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 22:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.


Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


U-Abrahama waselula isandla sakhe, wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe.


U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.


UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.


Wahlela izinkuni, wayihlahlela inkunzi, wayibeka phezu kwezinkuni.


UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.


bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.


Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.


Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.


U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ