Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 22:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 uBetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 UBhethuweli wayenguyise kaRibheka. Laba abayisishiyagalombili uMilkha wabazalela uNahori umfowabo ka-Abhrahama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UBhetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wazala uNahori umfowabo ka-Abrahama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 22:23
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.


noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli,”


Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.


Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.


Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.”


“Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’ “Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.


Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.”


Bambusisa uRebeka, bathi kuye: “Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”


U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.


u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.


Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko, uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.


U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu.


Akuyilokhu kuphela, kodwa kwaba njalo nakuRebeka ekhulelisiwe ngoyedwa, u-Isaka, ukhokho wethu;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ