Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 21:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Ngakho-ke funga phambi kukaNkulunkulu ukuthi ngeke usiphathe ngobuqili, mina nabantwana bami, nezizukulwane zami, kepha njengoba ngethembekile kuwe, nawe yethembeka kimi, nakuleli lizwe ogogobele kulo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Manje funga kimi lapha ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nendodana yendodana yami; kodwa ngokomusa engikubonise wona, kumelwe uwenze kimi nakulo izwe ogogobele kulo njengowezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 21:23
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.


Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,


Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe


Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.” UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.


Wayesethi kuye: “Funga kimi.” Wayesefunga kuye. U-Israyeli wakhothama esihlokweni sombhede.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise.


Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo,


UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.


UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.


UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?” Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ