Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 19:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 19:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lezi ziyizizukulwane zikaThera. UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.


U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.


Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.


Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.


Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango.


wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.” Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”


U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.


UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.


“Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini,


abafokazi kabalalanga phandle, ngavulela izihambi iminyango yami –


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.


“Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;


Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ