Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 18:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 18:25
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?


Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo, ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;


“Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.


Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.


“UNkulunkulu akamlahli opheleleyo, kabambi isandla sababi,


UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na?


Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*


abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”


Uma umuntu engaphenduki, uyakulola inkemba yakhe, ansale umnsalo wakhe, awulungisele,


Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; mina ngimisile izinsika zawo. Sela*


Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi, ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke nesemisebenzi yonke.”


Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


“Kodwa nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okuphakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulungileyo phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okuye.


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ