Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 17:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 U-Abrahama wathatha u-Ishmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 U-Abrahama wathatha indodana yakhe u-Ishmayeli nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke abathengwa ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama; basoka inyama yejwabu ngalolo suku, njengalokho uNkulunkulu emyalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 17:23
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.


Wayesethi uNkulunkulu ku-Abrahama: “Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe balalela oHamori noShekemi indodana yakhe; bonke abesilisa basokwa, bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe.


Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ