Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 16:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Kuthe lapho u-Abhrama esehlale iminyaka elishumi eKhanani, uSarayi umkakhe wathatha incekukazi yakhe uHagari, umGibhithe, wayinika umyeni wakhe ukuba ibe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 USarayi umka-Abrama wathatha uHagari incekukazi yakhe umGibhithe, emva kokuba u-Abrama esehlale iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani, wamnika u-Abrama indoda yakhe ukuba abe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 16:3
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.


Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.


USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”


Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.


Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.


waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo.


Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.


ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.


Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ