Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 16:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, ukhulelwe, futhi uzozala indodana, uyiqambe ngokuthi u-Ishmayeli; ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 16:11
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula ngokuswela ukudla, na?


Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.


Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.


Wabiza isileti,* waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke.


Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ