Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 15:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Wayesethi ku-Abhrama: “NginguSimakade owakukhipha e-Uri lamaKhaledi ukuba ngikunike leli lizwe libe yifa lakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wathi kuye: NginguJehova owakukhipha e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe ukuba ulidle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 15:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.”


Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,”


Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.


Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ