Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 15:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 15:16
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.


Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama-Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


“Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa noJuda ngezithombe zakhe,


Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula, abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.


Ukuhlala kwabantwana bakwa-Israyeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.


“ ‘Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.


“Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.


Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ