Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 15:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wathi ku-Abrama: “Yazi nokwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba ngabafokazi ezweni elingesilo elayo, ibakhonze; bayakubacindezela iminyaka engamakhulu amane;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 15:13
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”


Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”


Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.


Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwa-Israyeli ngamandla.


Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


“Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.


Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi, lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.


Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.”


Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;


“Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe,


Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;


Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.


Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ