Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 14:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 14:13
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Kuphela lokho ezikudlile izinceku, nesabelo samadoda ayehamba nami; o-Anere, no-Eshikoli, noMamre mabathathe isabelo sabo.”


UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.


U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi, wazipha u-Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano.


Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.


wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;


Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.”


Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.


Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe.


lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”


Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo.


Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”


“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’


ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi, ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda.


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.


U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:


BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.


Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu


Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?” U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”


Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ