Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 14:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Amakhosi ayiphanga yonke impahla yaseSodoma, neyaseGomora nakho konke ukudla, ahamba nakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Base bethatha yonke impahla yaseSodoma neGomora kanye nakho konke ukudla kwabo bamuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 14:11
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.


IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.


Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka-Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka.


Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.


Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”


Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.


UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.


Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ