Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 13:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UAbrama wasesithi kuLothi: Kakungabi khona ukuxabana phakathi kwami lawe laphakathi kwabelusi bami labelusi bakho; ngoba singabazalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 13:8
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”


Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.


Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”


anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?”


Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.


Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana, kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.


Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana, kepha zonke iziwula ziyaphikisana.


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.


Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’


thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;


Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.


Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,


kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;


nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.


Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.


Kwafika uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo, waya eShekemi; abaseShekemi bamethemba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ