Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Abrama wayecebile kakhulu ngemfuyo, nangesiliva nangegolide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 13:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.


Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.


U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ