Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuqala kombuso wakhe kwakuyiBabele, ne-Ereki, ne-Akadi, neKaline ezweni laseShineyari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 10:10
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”


Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.


Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.


Kwathi emihleni ka-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare, noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe,


IKalino alinjengeKharikemishi na? IHamati alinjenge-Aripadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.


“Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”


Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.


“Khuphukela ezweni laseMeratayimi,* kulona nakwabakhileyo ePhekodi,* uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova, wenze konke engikuyale ngakho.


“ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho.


INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu, waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti; bahle kunale mibuso yini, umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.


Yathi kimi: “Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ